ekuseni bewu finqekile
okwesibhakela saMandla
manje sewuvuleke uthe nge
okwenhliziyo yentomb' ithand' isoka
iveze ezijulile izimfihlakalo belu
ithembele emuseni wesandla esifunayo
kodwa sibe singaz' ukuthi sifunelani
ungubuhle
ungumlingo
lapho sengithi nje kawuphili
unyakazile
wanginyakazisa ngokumangala komntwana
ebona kabusha
amacenjan' aphuzi aqhekezile
agcwalisa indawana yami
ngokuqhakaza kanye namakha

LLM Mbatha

http://www.poemhunter.com/poem/zulu-inkondlo-imbali/